Research Articles
Izinselelo ezibhekene nokufunda nokufundiswa kwezilimi zomdabu ezikhungweni zemfundo ephakeme eNingizimu Afrika
DOI:
10.2989/16073614.2025.2552771
Abstract
Izilimi zomdabu yilezo zilimi ezingumsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika. Lezi zilimi zabe zingenawo amalungelo ngesikhathi sobandlululo ngoba zabe zingathathwa njengezilimi ezisemthethweni kuleli. Emuva kwenkululeko izilimi zomdabu nazo zenziwa zaba izilimi ezisemthethweni eNingizimu Afrika. Umthethosisekelo waseNingizimu Afrika uthi zonke izilimi ziyalingana. Lokho kusho ukuthi zonke izilimi ezisemthethweni zinamalungelo afanayo. Alukho ulimi olukhulu kunolunye. Inkinga ngukuthi ezikhungweni zemfundo ephakeme izilimi zomdabu azikakanikezwa inhlonipho eziyifanele. Zithi zikhona kodwa kusetshenziswe isiNgisi sodwa noma nesiBhunu. Lokho kungukubukela phansi izilimi zomdabu futhi kuphambene nomthethosisekelo omayelana nokusetshenziswa kwezilimi, eNingizimu Afrika Umthethosisekelo wangowe-1996, ingxenye yesi-6 isigaba sesi-2. Ukuthuthukiswa kwezilimi zomdabu zase-Afrika kususelwa kumthethosisekelo wezwe (1996) onikeza izilimi eziyishumi nambili uma kubalwa nolimi lwezimpawu. ilungelo lokuba semthethweni (umqulu wokuthuthukiswa kwezilimi zesintu (Charter for the promotion of African languages in education 1996), okubeka kucace ukuthi alukho ulimi olungcono kunolunye. Leli phepha lihlose ukucubungula okungenziwa ukuthuthukisa izilimi zomdabu ukuba nazo zibe yizilimi zokufunda nokufundisa ezikhungweni zemfundo ephakeme eNingizimu Afrika. Leli phepha lisebenzise indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi. Le ndlela ivumela umcwaningi ukuba aphume ayoqoqa ulwazi kubantu emphakathini. Leli phepha lisebenzise ukuqoka ngenhloso ukukhetha ababambiqhaza ababe yingxenye yocwaningo. Ababambiqhaza kube ngabafundi kanye nabafundisi abafundisa ezikhungweni zemfundo ephakeme. Leli phepha lisebenzise injulalawazi yokwengamela ulimi (Language Management). Le njulalwazi ihlaziya ukusetshenziswa kolimi. Iqale icubungule inkinga ukuze kutholakale isixazululo sayo, bese ihlaziya ukusetshenziswa kolimi emazingeni aphezulu kanye nasemazingeni ephansi. Emazingeni aphezulu ihlaziya okwenziwa nguhulumeni ukuhlela ukusetshenziswa kwezilimi kanti emazingeni aphansi ihlaziya okwenziwa yizikhungo zemfundo ephakeme ukuthuthukisa izilimi zomdabu. Lolu cwaningo luthole ukuthi ukubukelwa phansi kwezilimi zomdabu yikho okudala lezi zinkinga. Kutholakale ukuthi akukho okwenziwa ngumnyango wezemfundo ephakeme ukuqikelela ukuthi inqubomgomo yezilimi iyalandelwa.
Get new issue alerts for Southern African Linguistics and Applied Language Studies