Research Articles

Imvelaphi yokuphikisana kwemibono ngobulili obuhlukene ngokwesimanje okuvezwa ngamanoveli esiZulu

DOI: 10.1080/02572117.2025.2589380
Author(s): Nombulelo P MakhiwaneUMnyango weZilimi zaboMdabu, Inyuvesi yasePitoli, Mzansi Afrika, Nompumelelo B ZondiUMnyango weZilimi zaboMdabu, Inyuvesi yasePitoli, Mzansi Afrika,

Abstract

Lolu cwaningo lucubungula ngemvelaphi yokuphikisana kwemibono ngobulili obuhlukahlukene ngokwesimanje. Lukwenza lokhu ngokucubungula amanoveli esiZulu amabili, enesihloko esithi Umshado ebhalwe nguNelisiwe Zulu (2011), kanye nenesihloko esithi Mthathe Ungowakho ebhalwe nguSicelo Ntshangase (2020). Injongo yalolu cwaningo ngukuthola umongo womdonsiswano wemibono ngobulili obuhlukahlukene ngokwesimanje, ngokusebenzisa imiqondongqangi ewuhlaka lenjulalwazi iseksizimu kanye nehetharoseksizimu. Iseksizimu indlela yokucwasa noma yokubandlulula abantu ngokobulili babo (Masequesmay, 2021: 1; Lerner, 1968: 217). Ihetharoseksizimu yindlela yokucwasa abantu abazibandakanya ebudlelwaneni bezothando obuhlukile kunobujwayelekile obuphakathi kowesilisa nowesifazane (Askew et al, 2021: Rodwell, 1971: 5). Lusebenzise indlela yokucwaninga eyikhwalithethivu kanye nomklamo onguhlaziyomqondo noyisisekelo esiklame umgudu wenkambo yalolu cwaningo. Lolu cwaningo luveze ukuthi ukuphikisana kwemibono ngobulili obuhlukene ngokwesimanje kwenzeka ngenxa yokuhluleka kwabantu ukwamukela ukuthi kukhona abantu abakhula baphile impilo ehlukile kulokhu okulindelekile kubo ngokobulili abazalwe nabo.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages