Research Articles
Imibono yothisha mayelana nezingqinamba zokungathuthuki kwekhono lokufunda ngokuhlolisisa kubafundi besiZulu bolimi lwaseKhaya emabangeni aphezulu KwaZulu-Natali
DOI:
10.2989/16073614.2025.2582590
Author(s):
Sanele NseleIsikole Sezemfundo, Inyuvesi YaseWitwatersrand, South Africa,
Abstract
Leli phepha liphenya imibono yothisha mayelana nezingqinamba zokungathuthuki kwekhono lokufunda ngokuhlolisisa kubafundi besiZulu bolimi lwaseKhaya ezikoleni ezithile KwaZulu-Natali. Lolu cwaningo oluyikhwalithethivu lusebenzise izingxoxo ezisakuhleleka kanye nokubukela othisha befundisa njengezindlela zokukhiqiza ulwazi. Kuqokwe ngenhloso othisha abayishumi abafundisa isiZulu ulimi lwaseKhaya emabangeni aphezulu, ezikoleni ezithile zaKwaZulu-Natali. Umcwaningi usebenzise indlela eholela kokuthile kanye nenjulalwazi kaVygotsky (1978) ukuhlaziya okutholakele ocwaningweni. Injulalwazi kaVygotsky (1978) ithi ukufunda kuyinqubo yenhlalo nosikompilo, lapho abantu asebenkantshubomvu besekela abafundi ukuze bathuthukele esigabeni esisha sokuhlolisisa okufundwayo. Okutholakele kulolu cwaningo kuveza ukuthi imibono yothisha ithi ukungathuthuki kwekhono lokufunda ngokuhlolisisa kudalwa yizingqinamba ezahlukene ezibandakanya ukushoda kwezincwadi kanye nezinye izinsizakusebenza nokwenza bangakwazi ukuhlela imisebenzi esekela ikhono lokufunda ngokuhlolisisa. Kwabuye kwahlaluka nokuthi ukuntenga kwekhono lokufunda kanye nokwehla kothando lokufunda kubafundi kungenye yezimbangela zokungathuthuki kwekhono nokufunda ngokuhlolisisa. Kulolu cwaningo kwahlaluka nokuthi ukubukelwa phansi kwesiZulu ulimi lwaseKhaya nokungenziwa kwaso ulimi lokufunda nokufundisa kwenza isiZulu silahlekelwe yisithunzi emfundweni nokubangela ukungathuthukiswa kwekhono lokufunda ngokuhlolisisa kanye nesifundo sonke. Ucwaningo lwahlalula nokuthi kukhona othisha abentula uqeqesho kanye nokwesekwa ekufundiseni ikhono lokufunda ngokuhlolisisa imibhalo yesiZulu. Ucwaningo luphakamisa ukuthi ukuxazulula le nkinga, kufanele kube nokusebenzisana kothisha, nabazali, nomphakathi, noMnyango wezeMfundo, noMnyango weZobuciko namaSiko kanye nezikhungo zemfundo ephakeme eziqeqesha othisha ukugqugquzela ukufunda ngohlolisisa.
Get new issue alerts for Southern African Linguistics and Applied Language Studies