Original Articles

Lezi zilimi zifakazelwe e-Afrika

DOI: 10.1080/10118063.1997.9724105
Author(s): NkonkoM. KamwangamaluDepartment of Linguistics, Republic of South Africa,
Keywords: ,

Abstract

Iningi leZazi zezilimi zivumelana ngokuthi ukuxutshwa kwezilimi kulawulwa ngumthetho othile, udaba olusematheni wumbuzo wokuthi umuntu okhuluma izilimi ezimbaxa zihlanganisa uhlelo olu-lodwa, izinhlelo ezimbili noma ezintathu; nokuthi ngabe le mithetho elawula ukuxutshwa kwezilimi zezinhlelo ezithinta-nayo, njengokuthi uhlelo 1 (G1) nohlelo 2 (G2) zisuselwe kuhlelo 1, uhlelo 2, zombili izinhlelo u-1 no-2, noma ohlelweni lwesithathu, njengokuthi uhlelo 3, ngesinye isikhathi olwaziwa ngokuthi yi-bilingual's grammar noma uhlelo lwezilimi ezimbaxa noma uhlelo oluphakeme kunezinye (super grammar). Uma kubukwa ukuxutshwa kwezilimi zesiNgisi nesiFu-lentshi nezomdabu ezikhethiwe kanye nolwazinzulu olutholakala ezifundweni eziphathelene ne-neurolinguistic. Umbono wami ukuthi noma ukuxutshwa kwezilimi (CS) kungumphumela wokuxhumana phakathi kwezinhlelo ezincintisanayo, ngokwase Afrika kulawlwa ikakhulukazi yimithetho ye-matrix language mayelana nesakhiwo samagama kanye nokuxhu-mana kwamagama emishweni, okusho ukuthi, ulimi lomdabu oluxutshwa nesiNgisi kanye nesiFulentshi. Ngakho-ke, asikho isidingo sokufaka uhlelo lwesithathu, ohlelweni olumbaxambili, lapho kususelwa khona ukuxutshwa kwezilimi.

Get new issue alerts for South African Journal of Linguistics